OKUQUKETHWE
Incazelo emfushane nemininingwane...ikhasi lesi-3
Umsebenzi wakuba umdlali webhola...khasi lesi-4&5
Impilo nempumelelo yakhe....................ikhasi lesi-6
Neymar da Silva Santos Junior, umdlali webhola oqavile, uyisakhamuzi saseBrazil esidlala indawo eya
phambili eqenjini lesizwe aphinde adlale njengohlangothi lwe-Ligue 1 kwiqembu elaziwa nge-Paris Saint
German. Lo mdlali ungomunye wabadlali bancomekayo kontanga bakhe. UNeymar unamagoli eqembu
angama-359 esadlale amagemu angama-584, namagoli angama-77 kumakepisi wamazwe ngamazwe.
UNeymar, wazalwa ngomhlaka 5 kuNhlolanja 1992, edolobheni lase-Sāo Paulo. Ukhule ehlala nomndeni
wakhe: ubaba wakhe uNeymar Sr. da Santos, umama wakhe kanye nosisi wakhe.
IKHASI LESI-3
UNeymar waqala ukudlala ibhola emuva kokuthola intshisekelo kubaba wakhe owangengumdlali webhola.
UNeymar wababesilandelo sokuba umdlali waseBrazil onekhono lokudlala, ukugijima ngesivinini, umbono
omkhulu ophinde adale amathuba okwamenza adume umhlaba wonke jikelele. Ubaba wakhe
wamgqugquzela ukuba adlale ibhola emuva kokubona amathalente ayenawo. UNeymar waqala ukudlalela
iqembu langakubo i-Portuguesa Santista, kwadlula isikhathi wadlalela i-Santos FC. Eneminyaka eyi-11,
wathutha nomndeni wakhe bayohlala eSantos, idolobha elingasolwandle eSāo Paulo.
Ekuthuthukeni kukaNeymar edlalela iSantos FC ngo-2009, waqaka wabeka umaka ngokuba umdali
osemncane othembisayo kwibhola lase-Brazil. Kwisizini yakhe yokuqala, waba namagoli ayi-14 esadlale
imidlalo engama-48, elekelela iqembu i-Santos inqobe, yathola nendebe ye- Sāo Paulo state Championship.
Kumasizini akhe ayelandela, waqhubeka nokudlala ezingeni eliphezulu. Wayeqokelela izindebe zakhe
ikakhulukazi indebe ibizwa nge-Campeonato Brasilerio Sērie A, ngokuba umdlali omncane odlala kahle
ngo2011 nango2012. Eminyakeni emihlanu kulomsebenzi wokudlalela i-Santos, ube namagoli angama-70
edlale esibalweni esinge-134.
IKHASI LESI-4
Ngo2013 uNeymar wajoyina iqembu elibizwa nge- FC Barcelona eSpain, lapho ameja nabadlali ababili,
uLionel Messi noLuis Suarez, behlasela okubulalayo bebathathu ebholeni. Babe bizwa nge-"MSN"
okwakunqamulela amagama abo. Ngalesi sikhathi esedlalela i-Barcelona, uNeymar wawina izinhloko ezimbili
zeLa Liga, izindebe ezintathu ze-Copa del Ray ne-UEFA Champions League.
Ngo2017 uNeymar wenza irekhodi lomhlaba mhla eyodlalela i-Paris Saint German, phecelezi PSG, ngezigidi
eziwu-222 ze-euro(€222 million). Selokhu ajoyina i-PSG, uNeymar usezise iqembu lithole izihloko eziningi
okufaka izihloko ezine ze-Ligue 1 nezindebe ezintathu ze-Coupe de France.
Ebholeni lamazwe, uNeymar waba umdlali osemqoka ngamathalente ayenawo. Ngo2013, wasiza i-Brazil
inqobe ngamagoli amathathu(3-0) idlala ne-Spain. Kwaba nguye umdlali wethonamenti waphinde wathola i-
Golden Ball. Ngo2014 kwi-World Cup, eyayibanjelwe eBrazil, uNeymar wakwazi ukudlulisela i-Selecāo kuma-
semi finals ngaphampi kukuhlala ebhentshini ngenxa yokulimala. Wayesevela eqininji lezwe kwi-FIFA World
Cup ngo2018 nango2022.
IKHASI LESI-5
UNeymar usebonakale ethandana nabantu besifazane abasezingeni eliphezulu njengomdlali weshashalazi
wase-Brazil uBruna Marquezine. Sekukaningi uNeymar eba sezinsolweni zokukhwebanisa imali yentela, icala
lokudlwengula aliphika ngo2019 waphinda wangadlaliswa ngenxa yokuxikizisana nomlandeli. Yize
esehlekwelwe okubi, wakwazi ukunikela emphakathi kubantu abasiza izingane zithole imfundo waphinda
wafezekisa izidingo zezingane.
Kuningi asekufezile uNeymar okungabonakala ngezakhiwo anazo. Unesithabathaba somuzi ngakubo eBrazil
awuthenga ngo2012. Lo muzi unamagumbi wokuzigcebeleka njengegumbi lokuzovocavoca nelokuphuzela
khona. Wabanohlelo lwakhe olubizwa nge- RED BULL NEYMAR JR's FIVE lapho enikeza abantj ithuba
lokudlala ibhola nhlanga zombili zobilili. Ziningi izinto asenazo uNeymar azithola ngokuzinikela kwinto
ayithandayo futhi ekusebenzela kanzima.
IKHASI LESI-6